Ucwaningo olungakanisayo
Ucwaningo lomngakaniso luyiqhingasu lokucwaninga oluhlozinga kakhulu ukungakanisa ukuqoqwa nesihlaziyo semininingo.
Izibonelo
- Ucwaningo oluqukethe amanani angamaphesenti azo zonke izinhlwa ezakha umoyambulunga womhlaba.
- Inhlolovo ephetha ngokuthi isiguli esivamile kufanele silinde amahora amabili egunjini lokulinda lenyanga ethile ngaphambi kokuba sinakwe.
- Umgcanso lapho iqembu x lanikezwa imigwinyo emibili ye-aspirin ngosuku futhi iqembu y lanikezwa imigwinyo emibili ye-placebo ngosuku lapho umhlanganyeli ngamunye ejutshwa ngokwethukela eqenjini elithile noma kwelinye lamaqembu. Izici ezingokwenano ezinjengemigwonyo emibili, iphesenti lezinhlwa kanye nesikhathi sokulinda kwenza izimo nemiphumela ibe engakanisekayo.
- Kwezomnotho, ucwaningo olungakanisayo lusetshenziselwa ukuhlaziya imihwebo kanye nezici ezinomthelela ekwahlukeni kwezinhlaka zokuhleleka kwayo kanye nobudlelwano bezinkampani nabasebenzi, izindayi zemali kanye nemikhiqizo.