Ukubuthwa kwemininingo
Ukubuthwa kwemininingo (noma ukuqoqwa kwemininingo) umdludlungu wokubutha nokulinganisa ukwaziswa okufunwayo esimisweni esisunguliwe, ukuze kutholakale izimpendulo zemibuzo futhi kucutshungulwe iziphumo. Ukubutha imininingo kuyisigcoyi socwaningo kuyo yonke imikhakha yemfundo, kuhlanganisa izinzululwazi zendalo nezenhlalo, kwezoluntu nakwezohwebo. Nakuba izindlelasu zingafani ngokoqeqesho, isigcizelelo sokuqinisekisa ukunemba nokwethembeka ekubutheni imininingo siyefana. Umgomo wakho konke ukuqoqwa kwemininingo kuwukuqopha ubufakazi obuzovumela ukuhlaziywa kwemininingo kuhambe phambili ekubunjweni kwezimpendulo ezikholekayo zemibuzo ephakamayo.
Kungakhathaliseki ukuthi yimuphi umkhakha noma indlela ekhethwayo yokuchasisa imininingo engakaniswayo noma yezingabunjalo, ukubuthwa kwemininingo okunembileyo kuyingqikithi yokugcina ubuqotho bocwaningo. Ukukhethwa kwezinsiza ezifanele zokuqoqa imininingo kanye neziyalezo zokusetshenziswa kwazo kahle kuvame ukunciphisa amathuba wokuvela kwamaphutha.
Indlelasu
Ukubuthwa kwemininingo nokuyifakazisisa kulandela izinyathelo ezine lapho kubandakanya ukubala abantu futhi kulandela izinyathelo ezinkotha lapho kubandakanya ukusangula.[1]
Umdludlungu wokuqoqa imininingo osemthethweni uyadingeka, njengoba uqinisekisa ukuthi imininingo ebuthiwe iyachasiswa futhi inembile. Ngale ndlela, izigqibo ezilandelayo ezisekwe kwimizakuzakwana esocwaningweni zenziwa ngemininingo efakazisiwe.[2]
Amaphatho
Preview of references
- ↑ Ziafati Bafarasat, A. (2021) Collecting and validating data: A simple guide for researchers. Advance. Preprint.. https://doi.org/10.31124/advance.13637864.v1
- ↑ Data Collection and Analysis By Dr. Roger Sapsford, Victor Jupp ISBN 0-7619-5046-X